Ivangeli Lomyalezo
– Sicela ufunde lokhu okulandelayo:
Gen. 1:1 | Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. |
Rom. 3:23 | Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu |
Joh. 8:34 | UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. |
UNkulunkulu wasidala kodwa asimazi Yena futsi sehlukanisiwe Naye ngenxa yokuba kwethu abanesono. Ukuphila kwethu ngaphandle kukaNkulunkulu kuyize futhi akunanjongo. Umphumela (inkokhelo) wesono sethu ukufa, kokubili ngokomoya nangokwenyama. Ukufa ngokomoya kusho ukuba abahlukanisiwe noNkulunkulu. Ukufa ngokwenyama kusho ukubola komzimba. Uma sifela ezonweni zethu siyohlukaniswa phakade noNkulunkulu futsi siphethele esihogweni. Singazisindisa kanjani ezonweni zethu futsi sibuyele kuNkulunkulu? Asikwazi ukuzisindisa thina ngoba akunakwenzeka ngomuntu onesono ukuba azisindise yena (njengoba umuntu ominzayo angeke akwazi ukuzisindisa yena). Futhi abekho abangasisindisa ngoba sonke sinesono (umuntu ominzayo ngeke akwazi ukusindisa omunye umuntu ominzayo, ngoba bobabili badinga usizo). Sidinga othile ongenasono (ongaminzi) ukuba asisindise ezonweni zethu. Ukuphela komuntu ongenasono ongakwazi ukusisindisa. Singamthola kanjani umuntu ongenasono ezweni lapho wonke umuntu enesono khona?
Rom. 6:23 | Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. |
Joh. 3:16 | Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodvwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. |
Math. 1:23 | Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi. |
Joh. 8:23 | Wathi kubo: Nina ngingabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabalelizwe, mina angingowalelizwe. |
Mark. 1:11 | Kwavela izwi ezulwini, lithi: Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe. |
Joh. 8:36 | Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. |
Joh. 3:3 | UJesu waphendula, wathi kuye: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu. |
Joh. 1:12 | Kepha bonke abamemukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, |
UNkulunkulu, ongumdali wethu futhi osithanda kakhulu, wasinikeza isixhazululo. Ngothando Lwakhe olukhulu ngathi Wathumela iNdodana Yakhe, uJesu, ukuze izofela izono zethu. UJesu akanasono ngoba Yena akayena owalelizwe, futhi, ngesikhathi asezweni, wanqoba izilingo zikadeveli zokuba one. Ukuphila kwakhe kwajabulisa uNkulunkulu ezulwini. UJesu wasusa izono zethu futhi wafela izono zethu esiphambanweni. Ungumsindisi wezimpilo zethu (UJesu angakwazi ukusisindisa ngoba Yena wayengaminzi). Injongo yokufa kukaJesu esiphambanweni ukukhipha inkokhelo yezono zethu, futhi, ngaleso sizathu, asuse izono zethu bese ebuyisela ubuhlobo bethu noNkulunkulu obabukade bonakele. Siphinde siphile ekufeni kwethu okungokomoya (ekwehlukanisweni noNkulunkulu) ngamandla kaNkulunkulu. Lobu buhlobo obusha bubizwa ngokuthi ukuzalwa kabusha. Lokhu kusibuyisela enjongweni yokudalwa kanye nokuba khona kwethu futhi, kusinikeza ukuphila kwangempela kanye nenjongo yokuphila.
Joh. 11:25 | UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. |
Rom. 6:9 | sazi ukuthi uKristu usevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. |
IzE. 2:24 | lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. |
Rom. 14:9 | Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. |
IzE. 1:11 | athi: Madoda aseGalile, nimeleni nibheke ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini. |
Yibuphi ubufakazi bokuthi umhlatshelo kaJesu wokufela izono zethu wemukelwa uNkulunkulu ezulwini? Ukuvuswa kukaJesu uNkulunkulu ekufeni kuwubufakazi. Ngovuko, kwaba nobufakazi bokuthi uJesu wakunqoba ukufa (noma, ngamanye amazwi, ukufa akunamandla ngaphezu Kwakhe). Ngakho, manje, njengoba uJesu ephila, nathi singaphila futhi. Ukuphila kwakhe okukithi kusinika ukuphila. Futhi, njengoba Avuswa, Uyaphila namuhla.
Joh. 5:24 | Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni. |
Joh. 10:9 | Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. |
Joh. 14:6 | UJesu wathi kuye: Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. |
Joh. 8:24 | Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu. |
IzE. 4:12 | Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo. |
Rom. 10:13 | Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa. |
Rom. 10:11 | Ngoba umbhalo uthi: Lowo okholwa akayikujabhiswa. |
Rom. 2:11 | Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu. |
Rom. 3:22 | ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngoba akukho mahluko; |
Rom. 10:9 | Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. |
Zingasuswa kanjani izono zethu futhi sithole lokhu kuphila okusha? Ngokukholwa uJesu njengeNkosi noMsindisi wethu. Uma siphenduka ezindleleni zethu zesono futhi sicela uJesu ukuba asithethelele futhi asisindise, Angakwenza lokho. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu eyeza emhlabeni ukuze izofela izono zethu. Noma obani emhlabeni ababeka ithemba labo Kuye bayothola intethelelo kaNkulunkulu, basindiswe ezonweni zabo (nasesihogweni) futhi bathole ukuphila okusha okuvela kuNkulunkulu. UNkulunkulu akakhethi. Akathonywa ukuthi—sihlala kuliphi izwe, ulwimi esilukhulumayo, ukuceba noma ubumpofu, owesilisa noma owesifazane, ubuncane noma ubudala noma yikuphi ukungafani ngokomzimba. Bonke abakholwa futhi bavume uJesu bazosindiswa. Lapha ngezansi kunomthandazo ongawuthandaza uma ukhetha ukulandela uJesu:
Nkulunkulu osezulwini, Ngiyabonga ngokuthumela iNdodana Yakho okukuphela kwayo, uJesu, ukuba azofela izono zami ukuze ngisindiswe futhi ngibe nokuphila okusha okuvela ezulwini. Ngiyaphenduka ezindleleni zami futhi ngicela intethelelo ezonweni zami. Ngiyakholwa kuJesu futhi ngiyamamukela uJesu njengeNkosi noMsindisi wami. Ngisize futhi ungiqondise ukuze ngiphile impilo ejabulisa Wena kulempilo entsha Onginikeza yona. Amen
Uma sewenze lomthandazo ongenhla, cela uNkulunkulu akukhombise isonto okufanele uye kulo. Khuluma noNkulunkulu njalo ngomthandazo futhi uNkulunkulu uyokhuluma nawe. Lalela izwi likaNkulunkulu. UNkulungulu uyokuqondisa. Uyakuthanda futhi uyokunakekela. Ungamethemba. Akabaphoqi labo Abamethembayo. UNkulunkulu unguNkulunkulu omuhle. Wethembekile. Ungethembela Kuye ngokuphila kwakho. Yethula izidingo zakho kuye. Uyakukhathalela futhi uyokubusisa. UNkulunkulu uthi ‘Angisoze ngakuyeka angisoze ngakushiya’. Thembela kuNkulunkulu. Kwangathi ungabusiswa ngoJesu.
Funda njalo ibhayibheli, uqale encwadzini kaJohane. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe kuyi-internet, chafaza lapha.